Download
Ingabe ngingangena kanjani ezulwini na.p
Adobe Acrobat Dokument 992.3 KB



"njengokuba kulotshiwe ukuthi: 'Akakho olungileyo, akakho noyedwa.' "   Kwaba Seroma 3:10

   "Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu."   Kwaba Seroma 3:23

   "Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu."   Kwaba Seroma 6:23

   "Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela."   Kwaba Seroma 5:8

   "Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade."   NgokukaJohane 3:16

   "Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi."   I KaJohane 1:9

   "Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa;   ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa."   Kwaba Seroma 10:9-10

   "Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe."   NgokukaJohane 1:12

   " UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami."   NgokukaJohane 14:6

   "Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa."   NgokukaJohane 5:21

   "Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;   akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo."   Kwaba SeEfesu 2:8-9

   "Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo.  ... Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,   nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo"   I Kwaba SeKorinte 15:1,3-4

   "Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu."   EkaJakobe 5:16

   " Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.   Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando."   I KaJohane 4:7-8

 

   " Ngakho, bathandekayo, njengokuba nazi lokhu ngaphambili, xwayani, ukuze ningadukiswa ngokukhohlisa kwabangenamthetho, niwe ekuqineni kwenu,   kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade."   II KaPetru 3:17-18

Ngoba uNkulunkulu wa wu tanda unhlaba kangaka, ngangoba wa pa ngeNdodana yake ayizalayo e yodwa, ukuba bonke abakaolwa iyo ba nga bubi, ba be nokupila okumiyo njalo.


Sanibonani bangani. Wozani sifunde ngabantu bokuqala abake baphila emhlabeni. Indlela uNkulunkulu abaphatha ngayo, isifundisa okuningi ngoNkulunkulu weqiniso uqobo. Bheka imifanekiso ebhukwini elibomvu lapho ulalela ithephu. Linezimfundiso ezitholakala encwadini kaNkulunkulu, iBhayibheli. Uma uzwa umsinjwana (inkombisa), phenya ikhasi elilandelyo:  

SANIBONANI (BANGANI). Niyamazi uNku. Oyedwa oyiqiniso. Akenginitshele kambalwa ngabantu abazi uNku. Bukelani ezithombeni encwadini ebovu ngenkathi nilalele icasset. Qhubekela (ekhasini) esithombeni esilandelayo uma uzwa ukwexwayiswa:  

Ngiyanibingelela (Sanibona bangani). Kulelikhasethi nizokuzwa ukuthi uNkulunkulu wabasiza kanjani abantu bakwa Israyeli ukunqoba izitha zabo. Wena nami singafunda kubona. Uma uzwa lomsindo phenya isithombe esilandelayo encwadini ensundu:

Sanibonani zihlobo. uNkulunkulu unothando unakekela wonke umuntu, ikakhulukazi kulabo abamthobelayo, bamkhonze. Lalelani onkwenzeka eminyakeni edlule njengokubhaliwe encwadini kaNkulunkuluebhayibhelini, nibuke umfanekiso encawadini elupuzi. Uma uzwa umsindo (inkomba), buka umfanekiso olandelayo:

(Sanibona Bangani) Incwadi eluhlaza isitshela ngemadoda ayethembele kuNkulunkulu ngezinsuko zobunzima. Njengo ulalele ikhasethi, alulela esithombeni esilandelayo ukna uzwa umsinjwana:

Sanibonani bangani. Wozani nizolalela uthisha omkhulu kunabonke. Igama llakhe nguJesu Krestu. Thatha incwadi eluhlaza uma uzwa lomsindo uphenye isithombe esilandelayo:

Bangani lo obizwa ngoJesu uyindodana kaNkulunkulu, (ilowo owathunyelwa uNkulunkulu) futhi angasinika yini ukuphila okuphakade na? Ukuzalwa kukaJesu, isimangaliso asenza, impilo yakhe, ukuvuka kwabafilelyo nezwi lakhe kuyasikombisa ukuthi uyindodana kaNkulunkulu. Ngesikathi ulalele ikhasethi bheka izithombe (encwadini) ephinki. Uma uzwa lomsindo phenya ekhasini elilandelayo:

Ngithanda ukunitshela ngomoya oyingcwele kaNkulunkulu ophilayo. Bhekani izithombe encwadine ephephuli ngesikhathi nilalele ikhasethi. Dlulela esithombeni esilandelayo uma uzwa lomsindo:

/1 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade. UJehova wabonakala kimi ekude, wathi: Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa. NakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba; Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe. Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kulelizwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba-sekupheleni. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe. /2 Lokhu konke kwenzeka ukuba kugewaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi uEmanuweli okungukuthi ngokuhunyushwa uNkulunkulu unathi.

UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela. Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe. Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima. Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.